KUTHUNGATHWA UMLISA ONYAMALALE EJAHWA NGONOGAGA EMNAMBITHI


Kusaqhubeka ukuthungathwa komlisa onyamalale ejahwa ngonogada edolobheni eMnambithi. Amaphoyisa-SAPS eMnambithi aqinise imizamo yawo kanye noWarrant Officer we-K9 Search and Rescue Officer uJacques Meyer kanye nozakwabo wezinja, uStorm. Amalungu omndeni nawo ajoyine ukucingwa kwakhe ngeSonto, 18 January.

Lomlisa unyamalele kusukela ngomhlaka-5 Januwari kanti ugcine ukubonakala endaweni yase-Acaciavale. Ngokusho kwamaphoyisa, kuthiwa ubonakale ezama ukugqekeza isitolo sefenisha ngaphambi kokujahwa ngonogada abebesemsebenzini. Kubikwa ukuthi ubalekile endaweni yesigameko wabalekela ehlathini elicinene ngakuMain Street, nokuyilapho egcine khona ukubonakala.

Kunxuswa ongaba nolwazi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa eMnambithi noma ashayele ku-079 775 5838. Icala lokulahleka livuliwe, ukuthungathwa kusaqhubeka.


Uthukela Times All Rights Reserved