Ugwetshwe udilikajele eNkantolo eNkulu yaseThekwini owesilisa owalahlwa yicala lokubulala isikhulu samaphoyisa omgwaqo KwaDukuza ngesikhathi kugetshengwa itekisi. UPhilakahle Dladla, 28, uphinde wagwetshwe iminyaka engu-40 ebhadla ejele ngamacala engeziwe ngoLwesine.
Inkantolo ilalele ukuthi ngo-2024 uDladla wagibela itekisi erenki KwaDukuza ephethe isibhamu ezenza umgibeli. Ngemuva kwalokho uphoqe umshayeli ukuthi aphume emgwaqeni ophumayo eGroutville, lapho afike wagebenga khona abagibeli.
Ngesikhathi kugetshengwa, isikhulu sakwa-RTI kamasipala uMariemuthoo Arumugam sasondela etekisini sisemsebenzini. UDladla wavulela ngenhlamvu wadubula wabulala uMariemuthoo.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNatasha Kara, uthe inkantolo icubungule izitatimende ezithinta izisulu ezimayelana nokuhlukumezeka komndeni wakwa-Arumugam.
UDladla uthole udilikajele ngecala lokubulala, izigwebo ezimbili zeminyaka engu-15 ngokugebenga esebenzisa isihluku, nezimbili zeminyaka emihlanu ngokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

