UNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, uMbali Shinga, uhambele esifundeni Amajuba esiholwa uMeya uKhansela uThembelihle Mthembu,namhlanje njengoba ezohambela aphinde ahole ehola umcimbi wokuthweswa iziqu kwentsha kuhlelo lokuthuthukiswa kwentsha.
Kubikwa ukuthi lomcimbi wokuthweswa iziqu uyisinyathelo esibalulekile empilweni yentsha eqede ngempumelelo izinhlelo zayo zokuthuthukiswa. Uphinde ubonise ukuzibophezela okuqhubekayo kukahulumeni ekutheni kuthuthukiswe futhi kunikwe amandla intsha ngamakhono, amathuba kanye nezindlela ezingayiholela ekusaseni elingcono.
