Umphakathi waseLoskop, esigodini saseNkomokazini, eMtsgezi ukhala ngenkinga yamanzi osekuphele isikhathi eside ibahlupha. Lokhu kwenzeka yize le ndawo inomfula ogeleza ubusika nehlobo, kanti nakwezinye izindawo kukhona imithombo ekhipha amanzi.
Omunye wesakhamuzi esikhulume naleli khasi uthe sekuphele cishe inyanga umphakathi ubhekene nokungabikho kwamanzi. Uthi kwesinye isikhathi batshelwa ukuthi i-pump iphukile futhi iyalungiswa, kanti kwesinye isikhathi kuthiwa kunenkinga kagesi engakwazi ukuphusha i-pump.
Lesi sakhamuzi sizwakalise
ukukhathazeka ngokuthi kungani kunepump eyodwa kuphela engenaso isipele, njengoba ukungasebenzi kwayo kushiya umphakathi wonke ungenawo amanzi.
Umphakathi unxusa abaphathi abafanele ukuba bangenelele ngokushesha balungise le nkinga, njengoba amanzi eyisidingo esibalulekile empilweni yabantu.
Lokhu kuyisikhalo somphakathi, kanti leli khasi lizozama ukuthola impendulo kubaphathi abathintekayo mayelana nalezi zinsolo.
