Sekungusuku lwesibili umphakathi waseMatiwane kanye nowaseJonono othukuthele uvale isango lenkampani I Raubex eyakha umgwaqo uN11 maduzane nedolobha uMnambithi.
Lomphakathi uthi ufuna izimpendulo ngedlela ekuqhashwa ngayo nokuthi kungani inkampani elungisa lomgwaqo uSanral ungafuni ukuzoxoxisana nawo uma icelwa.
Lomphakathi othukethele uthi into ezobalula ukuthi baxebule abasebenzi bomnyango wezisebenzi (Labour) waseMnambithi ngoba yibo abafika bababhalisa bathi babafaka kudatabase yakwa Labour.
Baveze ephephandabeni UThukela NewsTimes ukuthi bona njengomphakathi banendlela yabo abayisebenzisayo uma beqashwa, le yakwaLabour abayazi ngoba abanaso isiqiniseko sokuthi abantu abasebenza ku-N11 abaseMnambithi ngempela yini.
Baphinde badalula ukuthi abalweli ukuthi kuqhashwe abantu baseMatiwane neJonono kuphela, ngoba lomgwaqo uxhumanisa izindawo eziningi kepha bafuna wonke amaWard athintetkayo ahlomule kulomgwaqo.
Bathi bosuka esangweni uma sekukhona ozimisele ukukhuluma nabo futhu imvubu ikhona kulaba abazozama ukubaphamisa emzabalazweni wabo.
Bathi noma kungaba indoda engakanani ethintekayo ekuqasheni ngendlela enenkohlakalo bayo mxebula ngemvubu ngoba uzobe engabahlaniphi abantu edlala nango sizi lwabo.