Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uqhubekile nomkhankaso weqembu lakhe wokhetho lohulumeni basekhaya KwaZulu-Natal, lapho evakashele khona izindawo ezahlukene esifundazweni ngempelasonto.
EMsunduzi eMgungundlovu, uMalema ukhulume nabalandeli be-EFF ePietermaritzburg City Hall emhlanganweni we-Msunduzi Ground Forces Forum. Uthe ohulumeni bendawo abaphathwa yi-EFF bazohlinzeka ngamanzi nogesi mahhala kubantu abangasebenzi kanye nabahlomula ngezibonelelo ze-SASSA. Uphinde wagxeka uMasipala waseMsunduzi ngezinkinga zokulethwa kwezinsiza.
UMalema uphinde wagcizelela ukuthi akukho muntu noma iqembu elingamvimbela ekukhankaseni KwaZulu-Natal, wathi ngisho i-IFP yehluleka ukumvimba esengumholi wentsha we-ANC ngakho akekho ongakwenza njengamanje. Uthe akufanele kube khona indawo esifundazweni lapho i-EFF ingekho khona.
Uphinde wanxusa amalungu e-EFF ukuthi angavumeli ukwesatshiswa ngodlame, ngesikhathi ehlasela uHulumeni Wobumbano Likazwelonke kanye noMengameli Cyril Ramaphosa ngezinkinga zokungasebenzi, inkohlakalo nokungahambi kahle kokulethwa kwezinsiza.
EThekwini naseMajuba uMalema uphinde wahlangana nabalandeli beqembu, lapho egqugquzele khona ukuqiniswa kokwesekwa kwe-EFF.
I-EFF ithi izimisele ukuqinisa ukwesekwa kwayo KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.
