Lwethulwe Ngempumelelo Uhlelo Lokufundisa ngokuzivikela komphakathi Ezingozini Zemililo Yasebusika EMgungundlovu.
UMkhandlu wasesifunda uMshwathi ungowesibili ukuhlomula ohlelweni olwethulwe uMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu, ngokubambisana nenhlangano ezimele i-Al-Imdaad Foundation, Lolu hlelo luhlose ukuvikela imiphakathi ehlala ezindaweni eziyimijondolo ezingozini zezinhlekelele, ikakhulukazi imililo. Lolu hlelo luqale endaweni yaseShiyabazali, ngaphansi kukaMasipala waseMngeni.
Lemiphakathi yomibili owaseShiyabazali eMngeni, owaseMonkey Town eMshwathi, iqokwe kulandela ucwaningo olunzulu olwenziwe, oluveze ukuthi lezi zindawo zikulungele ukuba kuqalwe kuzo lolu hlelo lokulinga. Inhloso ukuhlola umthelela kanye nempumelelo yalolu hlelo, ukuze kuthi uma selukhombisa imiphumela emihle, lusatshalaliswe nakwezinye izindawo ngaphansi kwesiFunda uMgungundlovu.
Umphakathi ube usuhlomula ngezinsiza zesimanje ezihlose ukusiza ekunqandeni ukubhebhetheka kwemililo. Kulezi zinsiza kubalwa amabhola akhiwe ngobuchwepheshe besimanje, okuthi uma ehlangana nomlilo aqhume bese esiza ukuwucisha nokunqanda ukubhebhetheka kwawo.
