Inkantolo yeSifunda Eshowe igwebe uSizwe Mbhodla Bhengu oneminyaka,engu 30 ubudala olahlwe yicala lokudlwengula nokuthumba udilikajele.
Kubikwa ukuthi ngoMasingana 2022,ngosuku lwesigameko umgilwa wayeyakubo ngesikhathii ebhozonyelwa wuBhengu,wamsabisa ngommese wamqhuba wamyisa kubo, ummangalelwa wafika wamdlwengula Kabili.
Ngakusasa ekuseni,umgilwa wakwazi ukuphunyula wabaleka wayocela usizo kumakhelwane wafika wababikela ngesigameko ,nokulapho kwabe sekubizwa amaphoyisa kwavulwa icala,umgilwa wahanjiswa wayothola usizo esibhedlela sendawo.
Ngemuva kwesigameko uBhengu wabaleka waphela endaweni waze waboshwa emva kwezinyanga. Ngesikhathi selusenkantolo loludaba kwethulwa isitatimende sikamgilwa nokulapho umgilwa ebechaza khona ngendlela ahlukumezeka ngayo,wathi akazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi asukelwe wumuntu angamazi nje amgile.Okhulumela iNational Prosecuting Authority iNatasha Ramkission Kara uthi INPA iyasamukela isigwebo sikadilikajele esikhishwe yinkantolo ngaloludaba
