Ilunga lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal leMkhonto weSizwe (MK), uNathi Mthethwa, selinxuse uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli ukuba abize imbizo yomphakathi wase-Ezakheni naseMhlumayo ukuze kubhekwane nezinkinga zamanzi kanye namaphrojekthi engqalasizinda angaphelile.
Ekhuluma esiShayamthetho, uMthethwa uthe akusizi ngalutho ukuthi amakomidi ahlale ehambela izindawo ezahlukene eyohlola amaphrojekthi uma kusenezinkinga zemisebenzi engapheli ngenxa yokushoda kwezimali noma ukungaphathwa kahle kwamaphrojekthi.
Uveze ukuthi ihholo lase-Ezakheni selineminyaka lingaqedwa, kanti nephrojekthi yamanzi yaseMbizeni ayikaze ilungiswe ngemuva kokuthi kuthiwe amaphampu amanzi aphukile. Uthe lokhu sekushiye izakhamuzi zikhala ngokushoda kwamanzi isikhathi eside.
UMthethwa uphinde wakhuluma ngomgwaqo waseMatiwane, othi nawo usuneminyaka ungakaqedwa. Ucele uNtuli ukuthi ahlangane nomphakathi waseMnambithi ukuze uzwakalise izikhalo zawo futhi uthole izimpendulo eziqondile kuhulumeni.
