Ubuholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye nabameli budalule ukudumala ngemva kokuba umhlangano obubanjelwe eJonono, eMnambithi, ungahanjelwanga abantu abaningi.
Lo mhlangano ubuhlose ukuhlanganisa umphakathi kanye nabanikazi bomhlaba ukuze kuqoqwe imininingwane namadokhumenti azofakwa enkantolo mayelana nomgodi okusolwa ukuthi wembiwa ngumlungu endaweni esetshenziswa umphakathi.
Kubikwa ukuthi abanye babanikazi bezindawo bebengazi nhlobo ngalo mhlangano, okwenze kwaba nzima kubameli ukuqedela ukulungisa amaphepha azothunyelwa enkantolo.
Abameli bathe udaba luthinta umphakathi wonke, ngakho kubalulekile ukuthi bonke abantu abathintekayo babambe iqhaza. Baveze ukuthi umhlangano uzophindwa, ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abathintekayo bayaziswa futhi bayawuhambela.
Kulindeleke ukuthi amaphepha afakwe enkantolo kanye nakuSouth African Human Rights Commission ngenhloso yokuphoqa ukuthi lo mgodi uvalwe noma kulungiswe isimo esikhathaza umphakathi.
