INyunyana iSouth African Medical Association Trade Union (SAMATU) isinxuse uhulumeni ukuthi uqashe ngokushesha odokotela abangasebenzi,lenyunyana ithi uhlelo lwezempilo lushodelwa odokotela nakuba bekhona odokotela bafundile eNingizimu Afrika.Lenyunyana ithi ukuqasha odokotela abangasebenzi kuyadingeka ukuze kuncishiswe ingcindezi ezibhedlela zomphakathi futhi kulungiswe inkinga yokungabibikho kwemisebenzi.
Lesi sicelo siza ngemuva kokuba i-ActionSA izwakalise ukukhathazeka kayo mayelana nokusetshenziswa kwemali kwaminyaka yonke okubikwe,uMnyango Wezempilo waseGauteng noveze ukuthi kusetshenziswa imali engaphezu kwezigidi ezingama-R612 kubasebenzi bezempilo abasuka kwamanye amazwe.
UNobhala Jikelele we-SAMATU uDkt. Cedric Sihlangu uthi odokotela bakuleli kufanele babekwe phambili uma kuqashwa kuphinde kuqinisekiswa ukuthi bonke abasebenzi bezempilo abaqashwe ngokusemthethweni futhi bayavikileka ngokwemithetho ebekiwe.
