UMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA) kanye neProvincial Disaster Management Centre (PDMC) sekuqinisekise ukuthi usuphothuliwe umkhankaso wokusesha nowokutakula endaweni lapho kudilike khona isonto eBuhleni Village, e-Inanda.
Ngemuva kokususwa kwemfucumfucu, izinja eziqeqeshiwe zeSAPS Search and Rescue zihlolisise indawo, kodwa azitholanga muntu osasevalelekile ngaphansi kwesakhiwo. Lokhu kuqinisekisa ukuthi akusekho muntu olahlekile. Isibalo sabalimele sisamile kubantu abayisishiyagalombili, bonke abaphuthunyiswe esibhedlela.
UNGQONGQOSHE weCOGTA KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uncome wonke amaqembu abambe iqhaza emsebenzini wokutakula, okubalwa kuwo amaphoyisa eSAPS Search and Rescue, i-eThekwini Metro Disaster Management, abezimo eziphuthumayo kanye nezinye izinhlaka.
SENYUKE SAYA KUBABILI ISIBALO SABASHONILE EMLILWENI WASEJIKA JOE
Khonamanjalo, amaqembu ezinhlekelele eMsunduzi athole isidumbu somuntu obelahlekile ngemuva komlilo omkhulu oshise umjondolo waseJika Joe, othinte abantu abangaphezu kuka-400.
Kuphinde kwaqinisekiswa ukushona komunye umuntu obelaliswe esibhedlela ngenxa yokusha kanzima, okwenza isibalo sabashonile senyuke saya kwababili.
Ngenxa yesimo sesidumbu esitholakele, kuzokwenziwa ukuhlolwa kwe-DNA ngokubambisana nezinhlaka zikahulumeni ukuze kuqinisekiswe ubunikazi bomufi. UNgqongqoshe uButhelezi udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.
