I-EFF izolalela isinqumo senkantolo ngoLwesine, 8 February ngo-10 ekuseni mayelana nokumiswa kwabaholi bayo abayisithupha.
Lokhu kuvezwe ngunobhala-jikelele weqembu uMarshall Dlamini ngesikhathi evakashele isizinda eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu, 7 February, ngaphambi kokwethulwa komhlahlandlela weqembu eThekwini ngoMgqibelo, 10 February.
UDlamini uthe ngemuva kwalesi sinqumo bazobe sebenikeza abantu baseNingizimu Afrika ulwazi oluthe xaxa ngokuzokwenzeka ngoLwesine, mhla ziyisi-8 kuNhlolanja kusihlwa ngesikhathi seNkulumo Yesizwe (i-Sona) ezokwethulwa nguMengameli uCyril Ramaphosa.
Laba baholi be-EFF batholwe benecala lokudelela base bemiswa emsebenzini ngemuva kokugasela esteji ngesikhathi seSona kaRamaphosa ngo-2023.
Amalungu ePhalamende athintekile nguMengameli weqembu uJulius Malema, iPhini likaMengameli we-EFF uFloyd Shivambu, uNobhala-Jikelele uMarshall Dlamini, amalungu aphezulu uVuyani Pambo noMbuyiseni Ndlozi, nomkhulumeli weqembu uSinawo Thambo.
UDlamini uthe bazokwenza konke okusemandleni abo ngoba bavotele ukuya ePhalamende ukuze baqinisekise ukuthi bakhona ukuze bamele abantu baseNingizimu Afrika.
UDlamini uthe sebemi ngomumo ngomqulu we-manifesto futhi inkundla izogcwala.
“Sizoyigcwalisa inkundla. Inkundla ayinkulu ngokwanele ukuthi isibalo sabantu abazofika lapha. Kodwa sikhethe yona ngenxa yabantu baseKZN,” usho njalo.
Uthe lemanifesto ezoba seMoses Mabhida uzohanjelwa ngamalungu eqembu aseKZN kuphela.
IKhomishana yoKhetho yaseNingizimu Afrika (IEC) iphakamise umhla zingama-22 kuNhlaba njengosuku olungase lube nokhetho.
URamaphosa uzomemezela ngokusemthethweni usuku lokhetho ngemuva kwezingxoxo nenhlangano yokhetho futhi ngokomthetho angamemezela usuku phakathi kukaMeyi no-Agasti.