Bebuya esikoleni ngoMsombuluko abafundi abathathu baseMandlamasha Primary, eDannhauser, engaphansi kwesifunda saseMajuba, bashaywe wumbani.
Ngokusho koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), omunye osemncane ushonele khona lapho, , kwathi abanye ababili baphuthunyiswa esibhedlela.
Lokhu kuthatha isibalo sabantu abashone kule ndawo kusukela ekushayweni kombani ngenyanga edlule sifinyelele kwabane.
UNgqongqoshe wakwaCogta udlulise ukuzwelana nomndeni womfundi oshonile, uBongiwe Sithole-Moloi uphinde wafisela abanye abantwana ababili abasesibhedlela ukululama ngokushesha.
“Ithimba lethu lezinhlekelele lizoxhumana nemindeni ngokwenqubo yethu ejwayelekile ukusiza imindeni ekhahlanyezwe yizigameko ezifuze lezi,” kusho uSithole-Moloi.
UMnyango uthe amathimba awo abhekelele izinhlekelele abhekene nenhlekelele edalwe ukuduma kwezulu okuhambisana nomoya onamandla nombani ezindaweni zaseDannhauser, Estcourt, Vryheid nasoLundi.
Imizi eminingana kulezi zindawo ezibaluliwe iithinteke kakhulu njengoba umoya onamandla uqhekeza uphahla, wadala umonakalo ezintweni ezibalulekile zemindeni eminingi.
Umnyango uthe imibiko yawo yokuqala iveza ukuthi izindawo ezikhahlamezeke kakhulu kuseWembezi e-Estcourt, ngaphansi kukaMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele, elinyazwe ukuduma kwezulu nomoya onamandla; eNhlazatshe oLundi ecekelwe yimimoya enamandla nepulazi lasoZwathini nelaseMhlongo ngaphansi kukaMasipala wabaqulusi elicekelwe phansi yisichotho.
UNgqongqoshe uSithole-Moloi uthe usejube amathimba ezinhlekelele ukuthi asebenzisane nabo bonke omasipala abathintekile ukusiza izakhamuzi ezikhahlamezekile.