Izinkulungwane zabantu zihlangene ngempelasont endaweni yaseNquthu emngcwabeni osezingeni likahulumeni wesifundazwe kaDkt. Ntuthuko Mahlaba, obeyilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal ngaphansi kwe-ANC.

UDkt. Mahlaba, owake waba yiMeya yaseNewcastle, washona ngesonto eledlule ngemuva kokushayiswa yimoto ngesikhathi ezivocavoca ngokugijima.
Kulindeleke ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, kanye noNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, bethule izinkulumo ngesikhathi senkonzo yomngcwabo.
Lo mcimbi uhlanganise amalungu omndeni, abangani, ozakwabo kwezepolitiki, izikhulu zikahulumeni kanye nomphakathi abazofika bezohlonipha impilo negalelo likaDkt. Mahlaba.
