Uphiko olushushisa amacala omphakathi iNational Prosecuting Authority,luthi luyasemukela isigwebo sikadilikajele esitholwe wumlisa oneminyaka ewu-33 ubudala esikhishwe yiNkantolo yesiFunda Eshowe emuva kokulahlwa ngecala lokudlwengula iphindelela. Inkantolo ibikelwe ukuthi umgilwa wayeneminyaka ewu-11, ngesikhathi edlwengulwa izikhawu eMelmoth,edlwengulwa ngowesilisa owayejwayelene kakhulu nomndeni kamgilwa.
Ezigamekweni ezimbili ummangalelwa wathatha umgilwa kubazali bakhe ethi uyomthengela izingubo zokugqoka kokunye ethi baya esitolo sendawo amdlwengule endleleni. Kwesinye isigameko ummangalelwa wayehleli nabazali bomgilwa, uyise kamgilwa wacela ummangalelwa amboleke isikele. Ummangalelwa wathi umgilwa akahambe naye ayosithatha,nakhona kulesosigameko wafika wamdlwengula endlini.
Umakhelwane kammangalelwa wezwa umsindo umgilwa ekhala wabiza abanye,bakwazi ukungenelela ukusindisa umgilwa, Bathatha umgilwa nommangalelwa kwayovulwa icala emaphoyiseni. Ummangalelwa waboshwa khona lapho.Abazali bakamgilwa babikelwa wathathwa yena wayiswa esibhedlela.
Okhulumela iNPA uNatasha Ramkisson-Kara uthi iNPA iyasemukela isigwebo futhi siveza indlela abucayi gayo lama cala nomthelela wawo kubagilwa.
