I-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) inwebe isikhathi sokufaka izicelo kubafundi abanabazali abahola imali ephansi.
I-NSFAS yelule umnqamulajuqu wesicelo semalimboleko yayo entsha yokuxhasa abafundi abavela emakhaya ahola kancane kuze kube umhla ziyi-15 kuFebruary.
I-NSFAS yethule uhlelo lwayo olusha lokubolekwa kwemali ngenyanga edlule ukuze kuqinisekiswe ukuthi usizo lwezezimali luyafinyeleleka kuhlu olubanzi lwabafundi abavela emakhaya anemali engenayo yonyaka engaphezu kuka-R350,000, kodwa abangakwazi ukuzikhokhela ngokwabo izindleko.
i-NSFA Inikeze incazelo ngesimo sokulungela ukufunda njengoba amanyuvesi elungiselela ukuvula iminyango yawo onyakeni wokufunda, le nhlangano yahlangana nomnyango wezemfundo ephakeme kanye neNhlangano Yabafundi YaseNingizimu Afrika.
U-Ishmael Mnisi womnyango uthe, “Umhlangano uvumelene ngokuthi uhlelo lokubolekwa kwe-NSFAS luzovulwa mhla zi-2 kuNhlolanja wezi-2024 futhi luzovalwa zingama-15 kuNhlolanja wezi-2024. Bonke abafundi abangazange bahlangabezane nezidingo zokufaneleka kohlelo lwemifundaze banikezzwa ithuba lokuzama futhi.”
UMnisi uthe ukuze abafundi bakwazi ukubolekwa kumele bahlangabezane nalezi zidingo ezilandelayo.
“Abafundi kufanele imali yabo engenayo ngonyaka ibe iphakathi kuka-R350,000 kuya ku-R600,000