IKhansela leWadi 36 kwaHlathi, eliphinde libe yiPhini leMeya kuMasipala wase-Alfred Duma, uSizwe Simelane, selibonge umphakathi kanye namalungu eWard Committee ngemuva kokuba le wadi ithole indawo yesibili emkhakheni we-Best Performing Ward Committee kuma-KZN Premier’s Excellence Awards abebanjelwe eThekwini eDurban ICC.
Lo mklomelo ubuhlanganise omasipala okubalwa kubo iTheku, Alfred Duma, uPhongolo kanye neNquthu. UMasipala wasePhongolo uphume phambili esifundazweni, kwathi u-Alfred Duma walandela endaweni yesibili.
USimelane uthe ukuhlala isibili esifundazweni kuyimpumelelo enkulu ewumphumela wokubambisana okuhle phakathi kobuholi bomphakathi, amalungu eWard Committee kanye nezakhamuzi zakwaHlathi.
Uveze ukuthi ukusebenza kwamaWard Committee ezindaweni zasemakhaya kusenezinselelo ngenxa yokuhamba kancane kwentuthuko. Uthe izinselelo ezinkulu ezibhekene nomphakathi wakwaHlathi wukuntuleka kwemigwaqo esezingeni kanye nokuhlinzekwa kwamanzi.
Uphinde wabonga umphakathi ngokubahlonipha nokubambisana nawo uma kuvezwa izinkinga ezibhekene nendawo.
USimelane uthe unethemba lokuthi uma iWadi 36 iphinde iqokwe ngonyaka ozayo futhi iwine umklomelo ka-R100 000, le mali izosetshenziswa ukwakha isikhungo esizohlomulisa intsha yakwaHlathi.
