Umculi uMaWhoo ubhekene nengcindezi evela kwabanye babalandeli bakhe ngemuva kokucela amavoti emncintiswaneni wamaBasadi in Music Awards ekhasini lakhe likaFacebook.
Esikhundleni sokukhuluma ngamavoti kuphela, abanye babalandeli bacele ukuthi aveze umbono wakhe ngodaba lwabantu bakwamanye amazwe abakuleli. Abanye baphinde bamcela ukuthi athumele isithombe sakhe ehambisana nenhlangano iMarch and March.
Lokhu kuza ngesikhathi abanye abaculi bakuleli begxekwa ngokungazibandakanyi nomkhankaso okhuluma ngodaba lwabokufika abangekho ngokusemthethweni eNingizimu Afrika.
UMaWhoo uqokwe emikhakheni emminingi kubandakanya nowe-Woman of the Year kumaBasadi in Music Awards, kanti kuze kube manje akakaphenduli esidlangalaleni ezicelweni zabalandeli bakhe mayelana nalolu daba.
