UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uhlangane nezinhlaka zokuphepha komphakathi e-Archie Gumede Conference Centre eMayville, ephelezelwa yiBamba leKhomishana yamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Phumelele Makoba, kanye neNhloko yoMnyango Wezokuphepha Nokuxhumana noMphakathi, uNokuthula Khanyile.
Umhlangano ubuhlanganise amalungu e-Community Police Forum (CPF), Youth Crime Prevention Desk (YCPD), Spiritual Crime Prevention (SCP), Community Crime Prevention Association (CCPA), Neighbourhood Watch kanye neCommunity in Blue ngenhloso yokuqinisa ukubambisana ekulweni nobugebengu.
UNtuli unxuse amalungu alezi zinhlaka ukuba abe ngamanxusa okuthula emiphakathini futhi agweme ukusabalalisa ulwazi olungaqinisekisiwe olungadala udlame. Uthe isifundazwe asifuni ukuphinde sibhekane nezibhelu ezifana nezangoJulayi 2021.
UMajor General Makoba unxuse umphakathi ukuthi ubike ubugebengu emaphoyiseni, wagcizelela ukuthi ukubambisana phakathi komphakathi namaphoyisa kuzoba semqoka ekuqinisekiseni ukuthula nokuphepha ngaphambi nangemuva komhla zingama-30 kuJuni.
