IKomidi Longqongqoshe Abahlukahlukene (IMC) eliholwa uNgqongqoshe uMmamoloko Kubayi seliveze ukuthi sekutholakale izicelo eziyi-100,733 zokubhaliswa kwamabhizinisi kuzwelonke kusukela mhla zingama-24 kuNhlangulana 2026.
Kulezi zicelo, eziyi-42,151 zivela kubantu bakwamanye amazwe. Kuze kube manje sekugunyazwe izicelo eziyi-26,367, okuhlanganisa nezingu-6,749 lapho umnikazi webhizinisi engowokufika.
UKubayi uthe uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane usungule uhlelo lokusheshisa ukubhaliswa kwamabhizinisi amancane ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke osomabhizinisi basebenza ngokusemthethweni futhi banezimvume ezidingekayo.
Uphinde waveza ukuthi iKwaZulu-Natal iyona ehamba phambili ngenani eliphezulu lezicelo zokubhaliswa kwamabhizinisi kanye nalezo esezigunyaziwe, kanti iGauteng yona iqophe izicelo eziningi kodwa inani elincane lokugunyazwa uma liqhathaniswa neKwaZulu-Natal.
