Umphakathi waseMatiwane usashaqekile kulandela isigameko sokugwazwa kubulawe owesilisa ongowokufika esitolo abesebenzela kuso, kwaphinde kwathathwa imali ngaphambi kokuba umsolwa abaleke.
Ngokusho kwamalungu omphakathi, lesi sitolo sakhiwe ngaphakathi emzini, okwenza kusolwe ukuthi umenzi wobubi ubemazi umufi, naye umufi emjwayele. Bathi amakhasimende ayevame ukuthenga ngaphandle kwesitolo, ngakho bekungelula ukuthi umuntu angangene ngaphakathi ngaphandle kokwethenjwa.
Ilungu lomphakathi lithi lesi sigameko akumele sihlanganiswe nemikhankaso ephathelene nabokufika. Lithe yize kukhona abafuna abantu abangekho ngokusemthethweni bahambe ezweni, akufanele abantu basebenzise leso simo ukwenza ubugebengu noma ukubulala abantu abangenacala.
INduna uMagagula nayo ithe indlela okwenzeke ngayo ikhombisa ukuthi umsolwa wangena ngaphakathi esitolo. Iphinde yaveza ukuthi ngesikhathi sesigameko bekungekho ugesi, okungenzeka kwenze kwaba lula ukuthi isigameko senzeke.
INduna iveze nokuthi ngesonto eledlule bebebambe umhlangano namaphoyisa ase-Estcourt lapho bekudingidwa khona udaba lwabokufika nokuthi kumele kubhekwe ukuthi ngabe bakuleli ngokusemthethweni yini. Nokho, igcizelele ukuthi akumele kubulawe abantu, njengoba kungesona isigameko sokuqala esifana nalesi endaweni.
Iphinde yanxusa ukuthi noma ngabe kukhona izikhalo ngomthetho wabokufika, zonke izinyathelo kumele zithathwe ngendlela esemthethweni, hhayi ngokuzithathela umthetho ngezandla. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ngaleli cala.
