Umnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho Wasekhaya (Local Economic Development) ngaphansi koMasipala wase-Alfred Duma uhlele umbukiso wemisebenzi yezandla egaraji lase-Ultra City elisemgwaqeni u-N3.
Lo mbukiso uhlose ukusondeza imisebenzi yezandla kubahambi abasebenzisa u-N3 nsuku zonke, okuhlanganisa labo abaya noma ababuya eThekwini, eFree State nakwezinye izifundazwe.
UMasipala uthi lolu hlelo luhlose ukuvulela osomabhizinisi bendawo amathuba okuthengisa imikhiqizo yabo, ukukhulisa amabhizinisi amancane kanye nokukhuthaza umnotho wendawo ngokusebenzisa izivakashi nabahambi abadlula kulo mzila omkhulu.
Abahleli balolu hlelo banxuse umphakathi nabahambi ukuthi basekele osomabhizinisi bendawo ngokuvakashela lo mbukiso nokuthenga imisebenzi yezandla ekhiqizwe ngabantu bendawo.
