UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThamsanqa Ntuli, uhambele eSherwood Hall Ground eThekwini ukuyohlola isimo kanye nokuthola ulwazi kwabathintekayo mayelana nokuqhubekayo kule ndawo.
Lesi sikhungo sesiphenduke indawo yesikhashana lapho kubuthelene izinkulungwane zabantu baseMalawi abafuna usizo ngamalungiselelo okubuyela ezweni abadabuka kulo.

UNdunankulu uthe okuhle abakwenzile ukuthi uma kukhishwa isimemezelo sokuthi abangenazo izincwadi kufanele babuyele emazweni abo ukuze bayolungisa izindaba zamaphepha, basukumile beza ngaphambili.Wacela kungenelele abangaxhasa ngamabhasi ukuze kuthuthwe labantu baseMalawi abagcwele eThekwini

