PIETERMARITZBURG – UMnyango kaMgcinimafa KwaZulu-Natal usukhiphe u-R2 billion ukuze usize uMnyango wezeMfundo ukhokhe imali yama-Norms and Standards ezikoleni esifundazweni.
UMphathiswa woMnyango kaMgcinimafa, uFrancois Rodgers, uthe lesi sinyathelo sihlose ukuqinisekisa ukuthi izikole ziyaqhubeka nokuthola izinsiza ezibalulekile ngaphandle kokuphazamiseka ngenxa yezinkinga zezimali.
Le mali izosetshenziswa ukukhokhela izidingo ezahlukene ezikoleni okubalwa kuzo amanzi nogesi, ukulungiswa kwezinsiza, ukuthengwa kwezincwadi, i-stationery kanye nezinye izinto ezidingekayo ukuze kufundwe ngendlela efanele.
URodgers uthe lesi sabelomali sigunyazwe kuleli sonto ngenhloso yokuvikela imfundo yabafundi nokugcina uzinzo ezikoleni, yize isifundazwe sibhekene nezinselelo zezimali.
Lokhu kuza ngesikhathi uMnyango wezeMfundo ubhekene nobunzima bokukhokha ama-Norms and Standards kanye nabahlinzeki bezinsiza ngesikhathi. Kuphinde kwavela ukuthi ingxenye enkulu yesabelomali somnyango isetshenziswa ukukhokhela amaholo abasebenzi.
Muva nje, uMgcinimafa uqoke isithunywa esizobhekelela ukuphathwa kwezimali emnyangweni wezeMfundo ngenxa yokukhathazeka ngendlela izimali eziphathwa ngayo. Lokhu kusho ukuthi izinqumo ezinkulu ezithinta ukusetshenziswa kwezimali manje sezizodinga ukugunyazwa nguMgcinimafa kuqala.
Izikhulu zezemfundo sezike zakhala kaningi ngokuncipha kwesabelomali, zithi lokhu kwenza kube nzima ukuhlinzeka ngezinsiza ezidingekayo ezikoleni. Kodwa uRodgers uthi lesi sinyathelo sizosiza ekuqinisekiseni ukuthi abafundi nezikole abathinteki ngenxa yezinkinga zezimali.

