MANDENI – Usihlalo wamaKomidi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, Ntuthuko Mahlaba, usekhuthaze abantu abaneminyaka yokuvota ukuthi babhalisele ukuvota futhi baphume ngobuningi babo ngosuku lokhetho loHulumeni Basekhaya oluzokuba mhla zine kuLwezi.
Ukubhalisela ukuvota kuzokwenzeka ngempelasonto yangomhla ka-20 kuya ku-21 kuNhlangulana 2026.
UDkt Mahlaba ubekhuluma ngesikhathi ehambele inkonzo yamaPhostoli eMandeni, eVutha, lapho athe khona kubalulekile ukuthi zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zibhalisele ukuvota futhi zisebenzise ilungelo lazo lentando yeningi.

Uthe akekho umuntu okufanele avimbe noma adikibalise abantu ukuthi bayobhalisela ukuvota ngenxa yezinkinga ezithile ezikhona emphakathini.
Uphinde wanxusa amaPhostoli ukuthi aphume ngobuningi bawo ayobhalisa, bese ephinde aphume ngosuku lokhetho ayovotela uhulumeni wasekhaya abazikhethela wona ngokwentando yabo njengamakholwa nezakhamuzi zezwe.

