ABOKUFIKA BAVULELE UMASPALA NEMEYA YASE-INKOSI LANGALIBALELE ICALA


Abokufika kanye nenhlangano ebizwa nge-Kopanang Africa Against Xenophobia bavulele uMasipala wase-Inkosi Langalibalele Local Municipality, iMeya uMduduzi Myeza kanye nokaputeni wamaphoyisa aseMtshezi icala enkantolo ephakeme eMgungundlovu.

Lokhu kulandela umnqamulajuqu owabekwa yiMeya wokuthi bonke abokufika abangenaso isemthethweni bavale amabhizinisi abo bahambe zingakapheli izinsuku ezingu-21. UMeya uthe abokufika abangu-38 bafuna inkantolo ivimbe yena nezisebenzi zikamasipala ukuthi zingasondeli ezitolo zabo.

UMyeza uthe abanalo uvalo ngaleli cala ngoba bayawuhlonipha umthetho futhi banethemba lezinkantolo zakuleli. Uphinde wakhala ngokuthi uma izisebenzi zikamasipala zingavinjelwa ukuya kulezi zitolo, kuzoba nzima ukwenza umsebenzi wokuhlola nokulawula ukukhokhwa kwezinsiza ezifana nogesi namanzi. Futhi laba banikazi bezitolo sebebanjwe kaningana abasebenzi bakaMapala bethengisa ukudla okubolile, uma ngempela kuthiwa bengasondeli kuzo lokhu kungasho ukuthi sebezodayisa udede.

Icala liyangena namuhla enkantolo ephakeme eMgungundlovu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved