I-KZN IKLELISWE YABA YISIFUNDAZWE SESIBILI ESIHAMBA PHAPHOMBILI NGENKOHLAKALO


Umbiko wakamuva weCorruption Watch uveza ukuthi iKwaZulu-Natal iyisifundazwe esisendaweni yesibili ezweni ngokubikwa kwamacala enkohlakalo, kanti i-eThekwini Municipality iqhamuke njengendawo enezikhalo eziningi kakhulu.

Kulo mbiko ka-2025, iCorruption Watch ithole izikhalo ezingaphezu kuka-2 200, lapho u-91% wazo uhlobene ngqo nenkohlakalo. I-maladministration iyona ebikwe kakhulu, ilandelwe ukukhwabanisa (fraud) kanye nokuqola abantu (extortion).

E-KZN kubikwe amacala angama-249, kanti eThekwini yodwa inamanye angu-124, okuyenza ibe ihotspot enkulu.

Ezingeni likazwelonke, ezamaphoyisa zihamba phambili ngezikhalo ezingama-300, zilandelwe ezemfundo eyisisekelo (basic education) ezingu-221.

IGauteng isalokhu iyisifunda esihamba phambili ngezikhalo ezingu-993, okuyi-45% yazo zonke izikhalo ezibikiwe.

Le nhlangano ixwayisa ukuthi inkohlakalo eqhubekayo iyalimaza izikhungo zombuso kanye nezomthetho.

Ngasohlangothini lwezibalo zobugebengu, iSouth Africa ibike ukwehla kwezibalo zokubulawa kwabantu ngo-9.5% phakathi kukaJan–Mar 2026, okubonisa ukwehla kwabantu abangu-546 ababulawa uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.

Amaphoyisa aphinde abika ukwehla kobugebengu obunodlame, kuhlanganisa nokwehla kokuthunjwa (kidnapping) kanye nokuphanga okukhulu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved