Uma ulalele i-Album entsha sha esanda kuphuma kamculi kamaskandi osemncane odabuka eMnambithi Ungena, ungafunga ukuthi ulalele umculi osemnkantshubomvu kulendima kanti cha umfana nje osemncane.
UNgena, udabuka eMabhekazi eMnambithi ukhiphe i-Album yakhe entsha eshisa izikhotha esihloko sithi, Seniyazenzela. Leli cwecwe linezingoma ezingu -11 ezihlanganiswe kahle. Lezi zingoma zimnandi zonke ngothi lwazo. UNgena uvele waphuma eceleni kontanga yakhe kuMaskandi kulezi zinsuku abathanda kakhulu izingoma zothando nezizwakala kalula endlebeni okwenza zisheshe zichume ezinkundleni zokuxhumana ezinjengoTik tok. Nakuba zikhona izingoma zothando kuleliqoqo kodwa, le-album idle ngezingoma ezinesigqi esijulile sikaMaskandi, kanti nomlayezo ubekwe ngobuciko obungakudida uma ungumuntu uthanda umculo obeka izinto obala zinjengoba zinjalo.

Phakathi kwezingoma ezingihlabe umxhwele kubalwa ingoma engunombolo 3 ethi Khwela kubo, ngokwami lengoma ibingaba yisihloko esihle kakhulu sale-album ngoba ikhuluma ngakho impela lokhu akwenzayo lomculi kule-album, Ukhwela kubo. Ingoma yesine ethi eMabaleni izodlalwa kakhulu uma kunemishado nemicimbi yemembeso.
Ingoma ekuqanjwe ngayo le-album engunombolo 4 ethi Seniyazenzela, ikhuluma ngokushintsha nokuthamba kwesandla sabazali ekhaya, okwenza izingane bese ziyazenzela, umlayezo uzwakala kahle. Kukhona nengoma ezwakalayo ukuthi ugadla kubahleli bemicimbi abasebenzisa abaculi maqede bangabakhokheli, ingoma engunombolo 7 ethi sashonaphi imnandi kakhulu.
Angeke ngimangale uma lensizwa ingathi ibukela kakhulu kuMgqumeni ngendlela izingoma ezibhalwe ngayo nesitayela sokucula sisondele kakhulu kuyena. Ngempela le-Album akuyona neze eyabantu abafuna loluhlobo lukaMaskandi oluphupha emva kwesonto elilodwa. Ukube kusekhona amaCD, lolu wuhlobo lwe-Album obungaluthenga ulibeke nezingwazi zikaMaskandi ezindala udamane ulivakashela nje noma sekwedlule iminyaka eyishumi.
Angizisoli kakhulu ngokulalel le-Album, isikhona kuzo zonke izitolo zomculo.

