UKhomishana wesifunda sasoThukela District uMajor General TE Gonya uncome umsebenzi kaSergeant ZL Shezi(Osesithombeni) ngokuphothula uphenyo oluholele ekutheni amadoda amathathu agwetshwe yiNkantolo yaseZakheni ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17.
Lesi sigameko senzeka ngo-Ephreli 2024 endaweni yakwaHlathi eMnambithi lapho isisulu kuthiwa sasisendlelwni eya ekhaya ngezinyawo. Kubikwa ukuthi amadoda amathathu asilandela ngaphambi kokuba omunye wawo akhiphe isibhamu bamphoqa ukuba andele imiyalelo yabo.
Isisulu sayiswa endaweni ecashile lapho sadlwengulwa khona yibo bonke laba besilisa.
Amaphoyisa avula icala futhi isisulu sakwazi ukubona omunye wabasolwa. Omunye wabasolwa, uBongukwanda Mbatha, waboshwa emasontweni amabili kamuva. Abanye ababili, uLuhando Mathonsi noSimphiwe Nhlangothi, bazinikela emaphoyiseni ngemva kokuvuma ubugebengu eNduneni yendawo.
Inkantolo igwebe abasolwa ababili udilikajele, kwathi owesithathu wagwetshwa iminyaka engu-15 ejele. Bonke bamenyezelwe njengabangafanele ukuphatha izibhamu futhi amagama abo azofakwa kuNational Register for Sexual Offenders.
Ubufakazi beDNA buqinisekise ukubandakanyeka kwabo bonke kulolu daba.

