ISIKOLE SASEZAKHNEI SIKHALA NNGEPAYIPI ELIFAKA IZINSWELABOYA ESIKOLENI


Isikole samabanga aphansi i-Gqama Primary School esizinze esigcemeni sakwa-A Ezakheni sicela usizo ngokuphuthumayo mayelana nepayipi elikhulu elisuka emgwaqeni lingene ngaphakathi esikoleni.

UMnu Mabele onguthishanhloko walesi sikole uthi leli payipi selisetshenziswa abantu abangena ngokungemthetho okubalwa kubo izinswelaboya kanye nezigebengu ukuze bangene bazoganga esikoleni.

Uqhube wathi nezinye izingane zisebenzisa leli payipi ukudoja ngesikhathi sesikole. Lokhu kuvele ngesikhathi kubanjwe umhlangano wabazali esikoleni namuhla.

Abazali nothisha bakhale ngokuthi sebebikele izinhlaka eziningi ezithintekayo ngalolu daba kodwa kuze kube manje abakatholi usizo.

UMnu Mabele unxenxe abazali kanye nomphakathi ukuba basukume babambisane nesikole ukuze kutholakale isixazululo esizovikela izingane kanye nempahla yesikole.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved