KWETHULWE UHLELO LOKULEKELELA IZINKULISA KUMASIPALA WASE-MFOLOZI


UMasipala waseMfolozi oholwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu,wethulwe ngempumelelo uhlelo lokulekelela izinkulisa,ngesikhathi ubuholi buhambele kuward-12 eMakhwezini kanye nenhlangano i-Ukuyakhanya Organisation namuhla mhlaka 09 May 2026.

Lomcimbi obuhlanganise abaqapha izingane ezinkulisa, iminyango esebenza ngezingane okubalwa owezinkulisa kowezeMfundo, uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, abakwaSAPS , izinduna, abakwa-Home Affairs,abazali noMasipala waseMfolozi.

Lunike abazali nabanakekela izingane ithuba lokuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo nangokuthi zinakekelwa kanjani izingane. Lolu hlelo luzolekelela izinkulisa ngephalishi ukuze kwenezezelwe kokukhona futhi luzofaka uchatha kokutholwa izinkulisa ukuze umsebenzi uqhubeke.

Kuphinde Kwagqugquzelwa ukuba izingane zinakekelwe futhi zivikelwe ikakhulukazi njengoba kuyinyanga yokuvikelwa kwezingane.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved