KUBANJWE NGEMPUMELELO UMKHANKASO WOKUQWASHISA NGOKUTHUTHWA KWENDLE EMADLANGENI


Kubanjwe umkhankaso wokuqwashisa njengengxenye yokugubha iNyanga Yezokuthuthwa Kwendle, kuMasipala Wesifunda Amajuba, ngokubambisana noMnyango Kazwelonke Wezamanzi Nezokuthuthwa Kwendle.

Lokhu kuza nje inyanga uNhlaba yaziwa njengeNyanga Yezokuthuthwa Kwendle, okuyisikhathi lapho uHulumeni enza imizamo ephokophele ekukhuliseni ulwazi ngomsebenzi wokuhlanzeka, izindlela ezifanele zokusebenzisa izindlu zangasese, kanye nokubaluleka kokongiwa kwamanzi emphakathini.

Lomkhankaso wokucobelelana ngolwazi ububanjelwe erenki yaku Masipala wase Madlangeni, lapho amalungu omphakathi efundiswe ngokubaluleka kokuhlanzeka kanye nokusetshenziswa ngendlela efanele kwezindlu zangasese. Izikhulu ziveze ukuthi kubalulekile ukwazi ukuthi yini okungafanele ifakwe noma ilahlwe endlini yangasese, njengoba lokhu kungabangela ukuphazamiseka kwamapayipi, ukulimala kwezinhlelo zokuthuthwa kwendle, kanye nezingozi zempilo.

Izakhamuzi ziphinde zakhuthazwa ukuba zigcine ukuhlanzeka ezindlini zazo zangasese nasezindaweni ezizungezile ukuze kugwenywe ukusabalala kwezifo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved