UTHI WAYEZIVIKELA UMLISA OSOLWA NGOKUBULALA UMUNTU PHAMBI KOMPHAKATHI


Umlisa waseCopesville eMgungundlovu, uNkosinathi Majola (39), obhekene necala lokubulala ngonya omunye umlisa phambi kwezingane nomphakathi, uvele eNkantolo kaMantshi ePietermaritzburg ngoLwesibili, uthi konke lokhu akwenza wakwenza ngoba ezivikela.

UMajola usolwa ngokubulala uSanele Mbanjwa emikhukhwini yaseMason mhla zi-3 kuNhlaba. Inkantolo itshelwe ukuthi uMbanjwa wabona abantu ababexabana wazama ukungenelela nokwathi uma ebona ukuthi lengxabano inoSanele, wabuyela ekhaya wathatha ummese(Okapi) kanye nocelemba, wabe esehamba eyohlasela uMbanjwa emgwaza ephindelela.

Kubikwa ukuthi isisulu sazama ukubaleka kodwa sawela emgwaqeni, lapho ukuhlasela kwaqhubeka khona. Kuthiwa umsolwa wabuyela ekhaya wayogeza izikhali, kodwa waphinde wabuyela wahlasela futhi ngesikhathi omunye umuntu ezama ukusiza isisulu.

Umbuso uphikisa ibheyili, ugcizelela ubunzima becala, ubufakazi obuqinile kanye nokwesabela ofakazi. Kuphinde kwavezwa ukuthi uMajola wake wagwetshwa ngo-2012 ngecala lokubulala, wagwetshwa iminyaka engu-15 ejele.

Icala lihlehliselwe umhla zingama-20 kuNhlaba lapho kuzokhishwa khona isinqumo ngebheyili.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved