KUSOLWA ISANDLA SESITHATHU NGOKUSHA KWE-METER BOX YAMANZI EMATHONDWANE


Amaphoyisa ase-Besters aphenya isigameko sokusha kwe-meter box yamanzi yomkhandlu wase-uThukela District Municipality endaweni yaseMathondwane.

Ngokusho kweKhansela lendawo, Thulasizwe Mlaba, waziswe ekuseni ngabasebenzi bomkhandlu abebeyaqhubeka nomsebenzi wokulungisa iphampu yamanzi endaweni ukuthi kushile.

UMlaba uthi lePump ibisanda kulungiswa kanye nenjini yayo ngesonto eledlule, okwenza kube yinto emangazayo ukubona i-meter box isishile. Uveze ukuthi indlela eshe ngayo ikhombisa ukuthi kungase kube khona abantu abayishisile ngamabomu.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole izinto okusolakala ukuthi yizo ezisetshenzisiwe ukushisa (okufana namabhokisi asetshenziselwe ukuthungela umlilo), okuqinisa ukusolwa kokuthi kukhona isandla sesithathu esibandakanyekayo.

UMlaba unxuse noma ubani onolwazi ngalolu daba ukuthi aphumele obala asize amaphoyisa, njengoba lesi sigameko siphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi emphakathini.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved