UMasipala waseDannhauser ubambe umhlangano wokuxoxisana nomphakathi mayelana nohlelo lwezaphulelo zamanani amarates, njengengxenye yokuzibophezela kwawo ukukhuthaza ukukhokhwa okufanele kwezinkokhelo zomasipala, ngesikhathi esifanayo uqaphela izinselelo zomnotho ezibhekene nezakhamuzi.
Lo mhlangano ububanjelwe kuWard 2, eEmafusini, futhi uhlelwe uMnyango Wezezimali kamasipala. Uhlelo lukhuthaze abakhokhi bentela ukuthi basebenzise leli thuba lezaphulelo elikhona isikhathi esinqunyiwe ukuze bakhokhe izikweletu zabo ezisalindile.
Umhlangano uphinde wanikeza inkundla ebalulekile yokuchaza ukubaluleka kokugcina ama-akhawunti omasipala esesimweni esihle, wachaza ukuthi ukukhokhwa kwentela kusiza kanjani ekuthuthukiseni ukulethwa kwezinsiza kanye nengqalasizinda, futhi wachaza nemigomo kanye nenqubo yokufaneleka ukuze kutholakale lezi zaphulelo.

