UBUCHWEPHESHE OBUSHA OBUZOHLONZA OMAKHALEKHUKHWINI ABANGEKHO EMTHETHWENI EMAJELE


UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo wethule uhlelo olusha lokulandela omakhalekhukhwini abangekho emthethweni emajele akuleli. UNgqongqoshe uPieter Groenewald uthe lolu hlelo luzothatha indawo yama-signal jammer ayebangela ukuphazamiseka emphakathini.

Kusukela ngo-2024 kuya ku-2025 kubanjwe omakhalekhukhwini abangaphezu kuka-41,000, kanti abangaba ngu-37,000 batholakala ngonyaka owodwa. Lokhu kukhombisa ubukhulu benkinga njengoba kuneziboshwa ezingaphezu kuka-167,000.

UNgqongqoshe uphinde waveza ukuthi abanye abasebenzi bayabandakanyeka ekungeniseni omakhalekhukhwini, kanti abangaphezu kuka-180 baxoshiwe emsebenzini. Kuphenywa amacala futhi kuzothathwa izinyathelo zomthetho.

Lolu hlelo olusha luhlose ukuvimba ukungena kwezinto ezingekho emthethweni nokuthuthukisa ukuphepha emajele aseNingizimu Afrika.


Uthukela Times All Rights Reserved