Kubulawe owesilisa osolwa ngokuba yinkani ngesikhathi kunokudubulanan namaphoyisa ePinetown. Lo wesilisa oneminyaka engu-41 ubefunwa ngamacala angaphezu kweshumi okubulala, ikakhulukazi ogwini oluseningizimu KwaZulu-Natal.
Kuthiwa ubephezu kwezinhlelo zokusoconga esinye isikhulu saseMdoni Local Municipality.
Umkhankaso ohlangene wamaphoyisa eSAPS, Crime Intelligence, Durban Metro Police kanye neK9 Unit uthole indawo abecashe kuyo ekuseni.
Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha, kuthiwa uvulele ngenhlamvu amaphoyiseni, kwaba nokudubulana lapho agcine efile khona.
Kutholakale izibhamu endaweni yesigameko, kanti uphenyo luyaqhubeka.

