Amaphoyisa ophiko lwe-Public Order Police ombutho wamaphoyisa KwaZulu-Natal angenelele ngokushesha ukunqanda udlame obelungase luqubuke emcimbini wokunikezelwa kwamatayitela e-Esayidi TVET College, eMzimkhulu. Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe, amalungu omphakathi abengeneme aphakamise izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene, isimo esiholele ekutheni amaphoyisa angenelele,ngesikhathi sekunikezelwa kwamatayitela, njengoba amalungu omphakathi abengagculisekile azamile ukuyongena esteji,kodwa amaphoyisa abavimba ukugwema ukuthi isimo sibhebhetheke.
KUNGENELELE AMAPHOYISA AMALUNGU OMPHAKATHI EPHAZAMISA INKULUMO KAMENGAMELI E-MZIMKHULU.

