UNDUNANKULU WESFUNDAZWE I-KZN UVAKASHELE UMNDENI WENTOMBAZANYANA EYALAHLEKA E-MARIKANA E-KOKSTAD


UKhomishana wamaphoyisa wesiFunda saseHarry Gwala uMajor General Ntombivelile Xhelithole wamukele uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli esiteshini samaphoyisa eKokstad lapho efike wamunikeza khona umbiko kanye nenqubekela phambili ngophenyo ngodaba lokulahleka kwengane.

Lokhu kuza nje intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala yaseMarikana eKokstad yaduka yangatholakala ibuya esikoleni ngomhla zingama-26 kuNhlolanja 2026. Umphakathi wabamba owesilisa ababemsola ngokuthi uthumbe lengane base bemshaya. Umsolwa kusolakala ukuthi wavuma lelicala ngokuphoqwa, kubikwa ukuthi waphinde wakhomba nabanye abanye ababili athi wenza nabo lesisenzo. Umphakathi obudinwe ugane unwabu ngalesosikhathi washisa izindlu ezintathu,nokubikwa ukuthi imizi yalabasolwa.Umsolwa waboshwa wabekwa icala, nokho umsolwa wadedelwa yinkantolo ngenxa yokushoda kobufakazi.

UMajor General Xhelithole phinde wahamba noNdunankulu ukuyovakashela umndeni wengane elahlekile emijondolo yaseMarikana. Bobabili uNdunankulu kanye noMajor General Xhelithole bathembise umndeni ukuthi amaphoyisa azoqhubeka nokuthungatha futhi banikeze inqubekela phambili ngalokho osekwenziwe kuze kube manje.


Uthukela Times All Rights Reserved