Abelisa abathathu bagwetshwe INkantolo yesiFunda eMadadeni odilikajele.uMkhumbuleni Goodman Mbatha oneminyaka engu-54 noLinda Mbatha oneminyaka engu-25 bagwetshwe kulandela ukulahlawa amacala ababili okubulala nokuzama ukubulala ngoJanuary 2023 eFlathela, eNewcastle, ummangalelwa uKwanele Ngubeni oneminyaka engu-19 yena ugwetshwe iminyaka ewu-20 ebhadla ejele.
Lokhu kuza nje ngo mhlaka-31 December 2022, umufi uNtokozo Madonsela, umfowabo nommangali ecaleni lokuzama ukubulala, uThabiso Khumalo, babesekhaya ngenkathi bebona uNgubeni edlula ngejubane.Ngakusasa uMadonsela, umfowabo noKhumalo bahlangana naye uNgubeni ehamba noLinda Mbatha,babuza uNgubeni ngesigameko sangayizolo sejubane nowabonakala ecikeka washwabula esonga ngokuthi benoMbatha bazobuya ntambama.
UNgubeni noLinda Mbatha babuya ntambama kwaKhumalo bajikijela amatshe namabhodlela khona. Baze bahamba ngesikhathi sebekhuzwa wunina kaKhumalo.Babuya futhi sebehamba noMkhumbuleni Mbatha. uMkhumbuleni wangena kulo muzi samuntu ozokhuza impi. Wabiza uKhumalo eceleni wathi akangayi kwaMadonsela kodwa akeze kuye beyokosa inyama.
Kuthe sebehambile, unina kaKhumalo wathi abangayi kubo abalale kwakhe ngoba kukhona angakutholi kahle okusolisayo. UMadonsela, umfowabo noKhumalo bahamba bethi bayokhanyisa bazobuya.
Kuthe sebesendlini bangenelwa wuMkhumbuleni Mbatha, uLinda Mbatha noNgubeni babahlasela. Bagwaza uMadonsela washona. Umfowabo waphunyuka wabaleka kanti uKhumalo walimala kanzima kodwa wakwazi ukubalekela komunye umuzi.Abamangalelwa baboshwa emuva kokuthi behlonzwe wufakazi obaziyo.
Inkantolo igwebe uMkhumbuleni Mbatha noLinda Mbatha udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala. UNgubeni ugwetshwe iminyaka ewu-20 ngokubulala, wagwetshwa iminyaka ewu-18 ngokuzama ukubulala. Izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokuchaza ukuthi uzodonsa iminyaka ewu-20.
Inkantolo ibheke ukuthi uNgubeni wayeneminyaka ewu-16 ngesikhathi sesigameko nokuchaza ukuthi udilikajele awumfanele.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority uNatasha kara uthi iNPA iyasemukela isigwebo futhi kuxwayiswa amalungu omphakathi ukuthi agweme izenzo zodlame. Izinkantolo ziwathathela phezulu amacala alolu hlobo.

