KUBANJWE UMHLANGANO WOKULANDELA NGESIMO SAMANZI E-KOPPIE ALLEN, DANNHAUSER


UMasipala waseDannhauser ngokubambisana noMasipala Wesifunda i-Amajuba District ubambe umhlangano wokulandelela,kamasipala waseDannhauser nabamele umphakathi mayelana nenkinga yokuntuleka kwamanzi eSkobhareni nasezindaweni ezakhele lendawo

Lomhlangano uzanje ngaphambilini wabanjwa ngesikhathi kunombhikisho, lapho umphakathi wakhombisa ukukhathazeka okukhulu ngokushoda kwamanzi isikhathi eside. Inhloso yomhlangano obubanjwe osukwini lwayizolo bekuwukwethula impendulo kanye nokunikeza isibuyekezo ngenqubekela phambili mayelana nezindaba ezaxoxwa ngaphambilini.

Lomhlangano ubugxile ezindabeni ezibalulekile ezaphakanyiswa emhlanganweni wokuqala, okubalwa kuzo ukufakwa kwe-pump elikhuphula umfutho wamanzi (booster pump), uphenyo ngamaxhuma amanzi ngendlela engekho emthethweni, ukuqaliswa kwemikhankaso yokuqwashisa umphakathi ngamanzi, kanye nokuxhumana noNgqongqoshe Wezamanzi Nezokuthuthwa kwendle mayelana nezixazululo zesikhathi eside.


Uthukela Times All Rights Reserved