Ngemuva kokuba kusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa inqwaba yamaphepha amanye awo elahliwe kanti amanye ethwele yiloli eliqoqa imfucuza, lamaphepha bekuthiwa ngamafomu ezicelo zohlelo lomnyango wezokuthutha KwaZulu natal olusha olwaziwa nge Thuthuka Programme elihlose ukusiza abantu bakulesi sifundazwe ukuthi babe nezincwadi zokushayela ezisemthethweni.
isitatimende esikhishwe wuMnyanango sithi abantu abehlise umoya lezinsolo zingamampunge. Lomnyango oholwa nguMhlonishwa uSipho Hlomuka uthi wona unendlela ehlukile yokusebenza engafani nale evezwa ezinkundleni zokuxhumana, kanti futhi bayaqinisekisa ukuthi akukho mafomu alahliwe futhi loluhlelo luzoqhutshwa ngaphandle kokwenzelela.