Umfanyana oneminyaka emihlanu ushayiswe yimoto washona kuLoskop Road eMtshezi izolo ntambama.
Umbiko uveza ukuthi lengane ibizama ukuwela umgwaqo kanti kunemoto ezayo yayishayisa yashona khona lapho.
Amalunga omphakathi, amaphoyisa Kanye nabosizo lokuqala bafikile esigamekweni nalapho befike isidlulile emhlabeni.