Amaphoyisa eMajuba aphenya icala lokubulala nokuphanga ngemuva kokuthi kutholakale owesilisa eshonile endlini yakhe.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa ombutho-SAPS uConstable Nonjabulo Langa,lowesilisa wagcina ukubonakala ngoMgqibelo ebusuku, mhla ziyi-11 kuNtulikazi,kwabe sekwanda ukukhathazeka ngemuva kokuba engabonakalanga nangeSonto,umshana wakhe waya endlini yakhe ukuyohlola ngoMsombuluko,mhla ziyi-13 kuNtulikazi,kwathi uma engena endlini wazithela phezu kwesidumbu sikamalume wakhe.
ULanga uthe isisulu sitholakale silele phansi egumbini lokuphumula,izandla ziboshwe nomlomo uvaliwe ngendwangu. kubikwa ukuthi isisulu sitholakle nezibazi zokulimala ekhanda, imihuzuko entanyeni okukholakala ukuthi ibangelwe ukuklinywa, kanye namanxeba okusha esifubeni, okusolakala ukuthi abangelwe yi-heater kagesi etholakale eduze kwesidumbu.
Amaphoyisa athi abukho ubufakazi obuveza ukuthi kungenwe ngendluzula futhi bekungakhiyiwe emnyango.Imoto yesisulu ebilahlekile itholaklele namhlanje okhiye bayo bengaphakathi.
Amaphoyisa athungatha abasolwa futhi anxuse noma ngubani onolwazi ngalesi sigameko ukuthi axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze nabo.
