Amaphoyisa oMaspala iTheku asefake unyawo lwedada emcimbini obuhlelwe uNgizwe Mchunu kaMaskandi obekumele ube seThekwini namhlanje.
Ngokwemibiko, amaphiyisa atheleke ekuseni namuhla enkundleni iGugu Dlamini Park khona eThekwini maqede ayalela labo ebebenza amalungiselelo alomcimbi ukuthi mabaqoqe bahambe ngoba umnikazi walomcimbi akazange athole imvume wokuwenza.
Lomcimbi ubuhlelwe waqondana ngqo nomcimbi omkhulukazi wenhlangano yezepolitiki i-EFF ezoba nokwethulwa kweManifesto yabo yokhetho lukazwelonke enkundleni iMoses Mabhida Stadium esondelene kakhulu nayo ipaki le iGugu Dlamini.
Uzokhumbula ukuthi uMacingwane uyinkukhu nempaka neqembu le-EFF emva kokujikijela ngamazwi umholi wayo uMnumzane Julius Malema ezinyangeni ezidlule. Akwaziwa noma lomcimbi uNgizwe ubewuhlele ukuphazamisa lomcimbi we-EFF yini noma kuziqondanele nje.