INyunyana yezisebenzi zikamasipala iSAMWU ithi zibalelwa emakhulwini amabili izisebenzi zikamasipala waseMpendle ubhekene nezinkinga zezimali esfundazweni saKwaZulu-Natal,osekuphele cishe izinyanga ezintathu zingawatholile amaholo azo nosekubangele ukuthi iningilazo zidonse kanzima ngasezimalini.
Ekhuluma emuva kokuhambela kweKomidi lephalamende elibhekelele ezokubusa ngokubambisana uMzwandile Zuma omele iSAMWU,wenze isiphakamiso sokuthii uhulumeni wesifundazwe nokwazwelonke bangenelele kuloludaba.
Zuma uqhube ngokuthi ukungakhokhelwa kwezisebenzi amaholo azo osekudonse isikhathi eside,kunomthelela ongemuhle kuzona njengoba ezinye zazo seziphoqelekile ukuthi zibuyisele emuva izimoto zazo,ezinye zisengcupheni yokudlelwa imizi.Osonkontileka abathi bakweletwa uMasiapal waseMpendle imali bathi ukungakhokhelwa kwabo kuzobaholela ekutheni badonse kanzima ngasezimalini.
