UMasipala wesifunda uMzinyathi usuxolise emphakathini kulandela ukuqhubeka kwezinkinga zokuphazamiseka kwamanzi ezithinta izindawo ezahlukene okubalwa kuzo iDundee, iGlencoe nezinye izindawo ezizungezile. Lokhu kulandela imibhikisho yomphakathi obukhala ngokungabi bikho kwamanzi isikhathi eside.
UMasipala uveze ukuthi usebenzisana neMngeni-uThukela Water ukuze kulungiswe izinkinga zokuhanjiswa kwamanzi. Kuthiwa sekuthengwa futhi kufakwa amapompo amasha ngenhloso yokuzinzisa ukuhlinzekwa kwamanzi emphakathini.
ISekela leMeya, uKhansela Nothile Zungu, lithe amathimba ezobuchwepheshe ayaqhubeka nokulungisa izingqinamba kanye nokuphenya izimbangela zokuphazamiseka kwengqalasizinda eholela ekunqamukeni kwamanzi. Uphinde waxolisa emphakathini ngokuphazamiseka okuqhubekayo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi ngesonto eledlule umasipala usole ukuphazamiseka kukagesi eTayside pump station ngokudala le nkinga, kodwa u-Eskom wakuphika lokho.
UMasipala unxuse umphakathi ukuthi ubekezele njengoba kuqhubeka izinhlelo eziphuthumayo zokubuyisa ukuhlinzekwa kwamanzi ngendlela ejwayelekile, wagcizelela ukuthi ukuhlinzekwa kwamanzi kuseqhulwini kwezinsiza zomphakathi.

