OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika, Thabo Mbeki, uxwayise ngokuthi ukusola abokufika ngezinkinga zomnotho, ukungasebenzi kanye nobugebengu kuleli kuyiphutha futhi ngeke kusombulule izinkinga ezibhekene nezwe.
UMbeki ukhulume lokhu ngesikhathi enengxoxo ne-SABC eKapa ngaphambi koSuku lwe-Afrika, lapho egcizelele khona ukuthi amazwe amaningi ase-Afrika aseke azama ukusola abokufika ngezinkinga zomnotho kodwa lokho akuzange kusebenze.
Uthe:
“Ukungasebenzi kuphezulu, ubugebengu buphezulu, kodwa umunwe ukhomba abantu abangafanele.”
UMbeki uphinde wathi ukuhlukana phakathi kwamazwe ase-Afrika kanye nokwanda kwe-xenophobia kungalimaza ubumbano lwezwekazi kanye nezinhloso zokubambisana kwezomnotho e-Afrika.
Lo mholi uphinde wagcizelela ukuthi izinkinga zomnotho zaseNingizimu Afrika zidalwe kakhulu ukwehluleka kobuholi, inkohlakalo kanye nokungaphathwa kahle kombuso, hhayi ukufika kwabantu abavela kwamanye amazwe.

