AMA-AMBULENSI ANGAPHEZU KUKA-200 ADUVE EMAGARAJI E-KZN


UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usudalule ukuthi angaphezu kwa-200 ama-ambulensi nezinye izithuthi zezimo eziphuthumayo azikho esimweni sokusebenza njengoba ziduve emagaraji zilinde ukulungiswa.

Lokhu kuvele embikweni owethulwe yiKomiti loMnyango wezeMpilo, oveze ukuthi cishe uhhafu wezithuthi zoMnyango awusebenzi, okuyinto eqhubeka nokubhebhethekisa izinkinga zokubambezeleka kwama-ambulensi ngesikhathi ebizwa ezimeni eziphuthumayo.

Umbiko uthi uMnyango unama-ambulensi angu-449, kodwa angu-225 awo awasebenzi. Uphiko lwezimo eziphuthumayo lona lunezithuthi ezingu-484, kanti ezingu-205 zisalinde ukulungiswa.

UMnyango uthe usebenzisana nenkampani eqokwe yiHhovisi likaMgcinimafa kuZwelonke ukuze ibhekelele ukulungiswa kwezithuthi, kodwa ukhale ngokuthi umsebenzi uthatha isikhathi eside kakhulu.

Kuthiwa kwezinye izikhathi kuthatha amasonto noma inyanga yonke ukuhlonza inkinga yemoto, bese izimoto zibuyiswa zingakalungiseki ngokuphelele noma sezonakaliswe kakhulu.

Umbiko uphinde waveza ukuthi ezinye izimoto zilethwa komakhenikha abangenalo ulwazi olwanele, okwenza kube khona ukonakala okwengeziwe.

Kuphinde kwavezwa ukuthi izindleko zokulungisa lezi zithuthi ziphezulu kakhulu, njengoba umsebenzi okufanele ubize uR2 500 ugcina ukhokhelwe ngaphezu kukaR3 500.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved