AMANXUSA AKWAMANYE AMAZWE AKULELI ADUBE UMCIMBI WE-AFRICA DAY NGENXA YE “XENOPHOBIA”


Amazwe amaningi ase-Afrika awazange abe yingxenye yemigubho yoSuku lwe-Afrika ePitoli ngenxa yokukhathazeka ngokwanda kwalokhu abakubiza ngezenzo zokucwaswa kwabokufika (xenophobia) eNingizimu Afrika.

Umbiko uveza ukuthi ezinye izikhulu zamazwe ase-Afrika azijabule ngendlela abokufika abaphathwa ngayo kuleli, kulandela imibhikisho yokulwisana nabantu bokufika ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo iTheku, iGauteng nezinye izingxenye zezwe.

I-African Commission on Human and Peoples’ Rights nayo ike yakhipha isexwayiso ngokwanda kokuhlukunyezwa kwabokufika eNingizimu Afrika, yathi lezi zenzo zephula amalungelo abantu futhi ziphambene nomoya wobumbano lwase-Afrika.

Lo mbiko uthi le ngxabano isiqale ukudala ukukhathazeka ngobudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe ase-Afrika ngesikhathi izwe belizilungiselela ukugubha uSuku lwe-Afrika.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved