UMzumbe – UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uhambise ngokusemthethweni izinsiza zokuthuthukisa umnotho kumakhosi angu-43 kanye noOndlunkulu esifundeni sase-Ugu.
Lo mcimbi obubanjelwe eNkanini Sports Complex uhanjelwe abantu abangaphezu kuka-2 000, lapho amakhosi ethole khona izinto okubalwa kuzo izinto zokuphekela imicimbi, amafriji ahambayo, amatende nezihlalo.

UMEC Buthelezi uthe lolu hlelo luhlose ukusiza amakhosi ukuthi azimele ngokwezimali futhi akwazi ukuqala amabhizinisi azodala amathuba emisebenzi emakhaya.
“Umgomo wethu ukuqinisekisa ukuthi amakhosi awagcini ngokuba ngabaholi bendabuko kuphela, kodwa aba ngabaholi abaqhuba ukukhula komnotho ezindaweni zasemakhaya,” kusho uButhelezi.
Uphinde wamemezela ukuthi umnyango uzohambisa ezinye izimoto ezingu-36 ngoNhlangulana 2026 ukuze amakhosi akwazi ukwenza kangcono umsebenzi wawo wokuphatha nokuthuthukisa imiphakathi.
Inkosi Madlala, ekhulume egameni lamakhosi asoGwini, ithe lolu hlelo luwuguquko oluzosiza amakhosi ukuthi abambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho wemiphakathi yawo.
Lo mkhankaso wasoGwini ulandela ezinye izinhlelo ezifanayo eziphumelele ezifundeni zaseMkhanyakude naseLembe, njengengxenye yecebo lesifundazwe lokukhulisa umnotho ezindaweni zasemakhaya.

